"makabe"
33 occurrences in ZUL
Wayesephakamisa amehlo akhe , wambona uBen jamini umfowabo , indodana kanina, wathi: Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na? Wathi: UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.
Yathi: Kalokhu makube njengamazwi enu ; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.
Wayesethi kubo : Makabe nani -ke uJehova , njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
Kepha uma ezala intombazana , makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe , ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.
Olala nowesifazane oyisigqilakazi eyingoduso , engahlengiwe, engakhululiwe ngesihle , makabe nesijeziso , angabulawa nokho , ngokuba wayengakhululekile.
Njengalokho samlalela kukho konke , kanjalo siyakulalela wena ; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho , makabe kuwe njengalokho wayenoMose.
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta : UJehova makabe ngufakazi wethu ; impela siyakwenza njengezwi lakho.
Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema , wathi kwabavunayo : UJehova makabe nani. Bathi kuye: UJehova makakubusise.
UJehova makenze njalo kuJonathani , enezele futhi , uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi , ngingakwambuleli kuwe , ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.
UJehova makabe ngumahluleli , ahlulele phakathi kwami nawe , abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.
Yayisithi incekukazi yakho: Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami , inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.
Njengalokho uJehova waba nenkosi yami , inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.
Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.
Usho kanje uKoresi , inkosi yasePheresiya , uthi: U Jehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda . Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.
Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abant u bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye , akhuphukele eJerusalema lakwaJuda , akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: Makabe mkhulu uNkulunkulu.
Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayigumbuqela engazisoli , ezwe ukukhala ekuseni nokumemeza ngesikhathi sasemini,
Bathi kuJeremiya: UJehova makabe ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo ngathi, uma singenzi njengamazwi onke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma nawo kithi.
Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla , makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
Akunjalo phakathi kwenu , kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu;
Wayesehlala phansi , wababiza abayishumi nambili , wathi kubo : Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala , makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.
Kepha akunjalo phakathi kwenu , kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu,
Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulw ini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona , makabe ngoqalekisiweyo.