Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha , makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho ; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
Uma umuntu ebona umzalwane wa khe ona ngesono esingesiso esokufa , makacele, uyakumnika ukuphila , ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.