Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami ; mabathi njalonjalo: Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: Makadunyiswe uJehova.
Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele ; uNkulunkulu ka - Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina ; makadunyiswe uNkulunkulu.