Othwala izidumbu zazo makahlanze izingubo zakhe , abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.
Odla isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe , abe ngongcolile kuze kuhlwe; nothwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna ; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba , bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.
Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe , aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi , ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu , kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
Olala endlini makahlanze izingubo zakhe ; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.
Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo , noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi , makahlanze izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.