UDavide waphuma ukubahlangabeza , wathatha, wathi kubo : Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani , kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami , lokhu kungekho okubi ezandleni zami , uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.