Skip to Content

"makhosi"

22 occurrences in ZUL

wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.

Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: Amehlo akho abonile konke uJehova uN kulunkulu wenu akwenzile kulawo makhosi amabili : kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.

Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo ; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.

Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi : Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda.

Wayesethi uJoshuwa : Vulani umlomo womhume , nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni.

Benze njalo -ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni : inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.

Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye : Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi . Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.

Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye , ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.

Onke lawo makhosi ahlangana , eza amisa nd awonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.

Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba , wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo onke lawo makhosi.

Yizwani nina makhosi ; bekani indlebe nina zikhulu ; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Yayisithi inkosi yakwa -Israyeli: Maye, ngokuba uJehova ubuthile lawa makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi!

Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.

Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba.

nani makhosi om hlaba nabantu bonke , nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,

uthi kuwo : Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda , noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;

uthi: Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo , nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.

Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu , kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.

wabakhiphela ngaphandle , wathi: Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?

Nani makhosi , yenzani okunjalo kuzo , niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye. Izikhali zamaKristu