"makube"
103 occurrences in ZUL
Khona uJesu waphendula , wathi kuye : O mame , kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho. Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine (Mark. 7:31; 8:1)
UNkulunkulu wathi : Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku , zibe yizibonakaliso zezinkathi , nezezinsuku, nezeminyaka,
Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela , ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi ; lokhu makube kude nawe ; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?
Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.
Yathi: Kalokhu makube njengamazwi enu ; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.
Wathi: Makube kude kimi ukwenze njalo ; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.
Wayesethi: Ngomuso. Wathi: Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.
Makube khona amagatsha ayisithu pha aphuma ezinhlangothini zalo , amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo , amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.
Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi - alimondi zibe kwelinye igatsha , isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
Wolenza igceke letabernakele ; ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;
Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu , nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili , nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.
Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi.
Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu , izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.
Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe , anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo , nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.
Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe , abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo , kuyolisiwe ngosawoti , ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu. OThikhiku no-Onesimu
OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseTheselonika elikuNkulunkulu uBaba , naseNkosini uJesu Kristu : Makube kini umusa nokuthula. UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni
Iso lakho aliyikuhawukela ; makube ngukuphila ngokuphila , iso n geso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.
Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova , sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i -altare leminikelo yo kushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.
UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Intukuthelo yakho mayingangivutheli , ngizakukhuluma kanye kuphela : Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.
Kwathiwa kumaGaza : USamsoni ufikile lapha . Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi ; bathula ubusuku bonke , bathi: Makube sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.
Lase lithi ixhegu : Ukuthula makube kuwe ; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.
Futhi nami , makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.
Abantu bathi kuSawule: Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe , ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla. Abantu bamhlenga ukuba angafi. USawule uyalwa nezizwe eziningi
Wathi kuye : Makube kude lokho ; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.
UJonathani wathi : Makube kude nawe , ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho , bengingayikukutshela na?
Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo , nakuyo yonke indlu kaba ba, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.
Wathi kubantu bakhe: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.
nithi kumfowethu : U kuthula makube kuwe , ukuthula nakube kuyo indlu yakho, ukuthula makube kukho konke onakho.
Futhi bheka , njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.
Ufikile izolo nje ; ngikuzulazulise nathi yini namuhla , ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.
Wathi: Makube kude nami , Jehova, ukuba ngenze lokhu ; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini. Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.
Bheka, kwehle umlilo ezulwini , waqeda izinduna zamashumi ayisihlanu ezimbili zokuqala zinamashumi ayisihlanu azo; kepha manje makube yigugu emehlweni akho ukuphila kwami.
Kwase kwehla umoya phezu kuka -Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese ; ukuthula, ukuthula makube nawe , ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza . Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi ! Bengiyakubahlenga min a labo abakhulume amanga ngami na?
Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda ; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.
Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensong e uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka - Israyeli.
Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo , nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,
Umlilo uphumile esiqwini sawo , wadla amagatsha awo nezithelo zawo , kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa. Lokhu kuyisililo; makube yisililo.
Wathi: Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine. Lapho ekhuluma kimi , ngaqiniswa, ngathi: Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.
UJesu wayesethi enduneni yekhulu: Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho. Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa (Mark. 1:23; Luk. 4:31)
Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku , olokuqala lweviki , iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda , uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kinina.
Khona uJesu wabuye wathi kubo : Ukuthula makube kinina . Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.
Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo . UJesu wafika iminyango ivaliwe , wema phakathi kwabo , wathi: Ukuthula makube kinina.
kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma , ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Isifiso sikaPawulu ukushumayela ivangeli eRoma
Qha nakanye ; kepha makube ngukuthi : UNkulunkulu uqinisile , wonke umuntu ungumqambimanga , njengokuba kulotshiwe ukuthi : Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.
Ngokuba konke kuvela kuye , kukhona ngaye , kuya kuye ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga uNkulunkulu ngenduduzo nangokusindiswa kwakhe ezingozini
Umusa weNkosi uJesu Kristu , nothando lukaNkulunkulu , nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi , yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu udumisa uNkulunkulu ngenxa yensindiso asenzela yona ngoKristu
Ukuthula makube kubazalwane , nothando kanye nokukholwa okuvel a kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Kristu.
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga uNkulunkulu ngabo, abakhulekele
kubo abaseKolose , abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu ; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. UPawulu ubonga ukukholwa nothando lwabaseKolose
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga ukuthuthuka kwevangeli phakathi kwebandla
kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu ukhumbuza uThimothewu ukuba alwe nesifundiso samanga e-Efesu
Kuyo iNkosi yaphakade en gabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. UPawulu uyala uThimothewu ukuba alwele iqiniso levangeli
yena yedwa onokungafi , ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho , ongazange abonwe muntu , nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa , nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli
INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi , ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini ; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Isigcino
kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke : Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu. UPawulu ukhumbuza uThithu ngomsebenzi eKrethe wokuhlela amabandla nokulwa nabafundisi bamanga
makaniphelelise kukho konke okuhle , ukuze nenze intando yakhe , esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade . Amen.
Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo , ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.
kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula , okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
kuye uNkulunkulu oyedwa , uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase -Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo , nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise , kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.