Uma kukuhle enkosini , makulotshwe ukuba sichithwe ; ngiyakukhokhela amatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.
Wathi: Uma kukuhle enkosini , noma ngifumene umusa phambi kwayo , noma le nto ilungile phambi kwenkosi , uma ngithandeka emehlweni ayo , makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;