Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?
Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu : labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi , intela yaphesheya koMfula , ukuba bangathiywa.