Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Aniyikudla manoni enkomo , nawemvu, nawembuzi.
Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo ya manoni ukuba bakuzulise , kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova , kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.