"math"
106 occurrences in ZUL
Mina nginibhapathize ngamanzi , kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane (Math. 3:13; Luk. 3:21; Math. 4:1; Luk. 4:1)
Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane ; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza. Ukubizwa kwabafundi (Math. 4:12; Luk. 5:1)
Bamangala ngokufundisa kwakhe ; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. Ukuphulukiswa kweziguli (Math. 8:14; Luk. 4:31)
Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. UJesu uphilisa umuntu onochoko (Math. 8:1; Luk. 5:12)
UJesu ekuzwa lokho wathi kubo : Abaphilileyo abadingi inyanga , ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni. Ukuzila ukudla (Math. 9:14; 12:1; Luk. 5:33)
Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. UJesu uchachisa umyalelo wesabatha (Math. 12:1; Luk. 6:1)
kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo ; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Math. 8:23; Luk. 8:22)
Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Luk. 8:40)
Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizi efundisa. Ukuthunywa kwabaphostoli (Math. 10:1; Luk. 9:1)
Bakhipha amademoni amaningi , bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha , babaphulukisa. Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi (Math. 14:1; Luk. 9:7)
Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho , beza b athatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni. UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu (Math. 14:13; Luk. 9:12; Joh. 6:1)
Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu. UJesu uhamba phezu kolwandle (Math. 14:22; Joh. 6:16)
Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Owesifazane waseSirofenike (Math. 15:21)
Wayesemuka, waya endlini yakhe , wafumana umntwana elele embhedeni , idemoni liphumile. Isithulu esinamalimi siyaphiliswa (Math. 15:29)
Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe , weza ezweni laseDalmanutha. Abafuna izibonakaliso (Math. 12:38; 16:1; Luk. 11:29)
Wayithumela ekhaya layo, wathi: Ungangeni emzini wabantu. Isivumo sikaPetru (Math. 16:13; Luk. 9:18)
Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye. UJesu ukhuluma ngokufa nokuvuka kwakhe (Math. 16:21; Luk. 9:22)
Wayesethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa , baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Luk. 9:28)
Kodwa ngithi kini : U-Eliya sewafika , benza kuye abakutha ndayo, njengalokho kulotshiwe ngaye. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Math. 17:14; Luk. 9:37)
Wayesethi kubo: Lolu hlobo lungephume ngalutho , kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe (Math. 17:22; Luk. 9:43)
Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza. Ubukhulu obuyibo nezikhubekiso (Math. 18:1; Luk. 9:46)
Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga. Ukubusiswa kwabantwana (Math. 19:13; Luk. 18:15)
UJesu ebabheka wathi : Kubantu akunakwenzeka , kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke. Umvuzo wokuzidela (Math. 19:27; Luk. 18:28)
Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina , nabokugcina babe ngabokuqala. UJesu ukhuluma futhi ngokufa nokuvuka kwakhe (Math. 20:17; Luk. 18:31)
bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe , bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka. UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu (Math. 20:20)
Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi. UBartimewu impumputhe (Math. 20:29)
UJesu wangena eJerusalema , waya ethempelini ; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili. Ukuqalekiswa komkhiwane (Math. 21:18; Luk. 19:45)
UJesu wakhuluma, wathi kuwo: Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bakuzwa. Ukuhlanzwa kwethempeli (Math. 21:12; Luk. 19:45)
Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu. Igunya likaJesu (Math. 21:23; Luk. 20:1)
Base befuna ukumbamba , kepha besaba isixuku ; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka. Intela kaKesari (Math. 22:15; Luk. 20:19)
UJesu wathi kubo : Nikani uKesari okukaKesari , noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 22:23; Luk. 20:27)
UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda , wathi kuye : Awukude nombuso kaNkulunkulu. Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza. UMesiya nemvelo yakhe (Math. 22:41; Luk. 20:41)
UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi . Pho, uyindodana yakhe kanjani na? Ukusolwa kwababhali (Math. 23: 1; Luk. 20: 45) Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
Ngiqinisile ngithi kini : Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke , kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo , kube yisikhumbuzo ngaye. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Luk. 22:3)
Sebezwile bathokoza , bathembisa ukumnika imali . Wayesefuna ithuba lokumkhaphela. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Luk. 22:7; Joh. 13:21)
Kepha waqinisa ngamandla, wathi: Noma ngingaze ngife nawe , angisoze ngakuphika. Basho njalo bonke. EGetsemane (Math. 26:36; Luk. 22:39)
Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele. Ukuboshwa kukaJesu nokuthethwa kwecala phambi kompristi omkhulu (Math. 26:47; Luk. 22:47; Joh. 18:2)
Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: Profetha. Nezikhonzi zamthatha zammukula. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Luk. 22:54; Joh. 18:17, 25)
Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka- Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)
ababemlandela eseseGalile , bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
uMoya oNgcwele enesi mo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe ; kwavela izwi ezulwini , lithi: Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe. Izizukulwane zikaJesu (Math. 1:1)
USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi. UJesu udelelwa ngabaseNazaretha (Math. 13:53; Mark. 6:1)
Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka. Ukuphiliswa kweziguli eKapernawume (Mark. 1:23; Math. 8:14)
Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela. UJesu uphilisa umuntu onochoko (Math. 8:1; Mark. 1:40)
Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka. UJesu uphilisa umuntu ofe uhlangothi. Ukubizwa kukaLevi (Math. 9:1; Mark. 2:1)
Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Math. 9:14; Mark. 2:18)
Wathi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha. UJesu uphilisa ngesabatha (Math. 12:9; Mark. 3:1)
Base begcwala ukuhlanya , bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu. Ukukhethwa kwabaphostoli (Math. 10:1; Mark. 3:13)
Isixuku sonke safuna ukumthinta , ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. Intshumayelo yasentabeni (Math. 5:1)
Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Math. 11:2)
Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani ; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa ; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Math. 12:46; Mark. 3:31)
Kepha waphendula, wathi kubo: Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Math. 8:23; Mark. 4:35)
Wayesethi kubo : Kuphi ukukholwa kwenu na ? Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele? Ukukhishwa kwamademoni (Math. 8:28; Mark. 5:1-20)
Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Mark. 5:21)
Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli , bephulukisa ezindaweni zonke. Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi (Math. 14:1; Mark. 6:14)
Kepha izixuku sezazi zamlandela ; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa. UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu (Math. 14:13; Mark. 6:30; Joh. 6:1)
Badla, basutha bonke , kwabuthwa imvuthuluka ey asala kubo , iziqabetho eziyishumi nambili. Isivumo sikaPetru. Ukuhlushwa kukaJesu nokwabamlandelayo (Math. 16:13; Mark. 8:27; Math. 16:21; Mark. 8:31)
Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Mark. 9:2)
Kwathi livela izwi , uJesu wafunyanwa eyedwa . Bathula bona , ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Math. 17:14; Mark. 9:14)
Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe (Math. 17: 22; Mark. 9: 30) Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:
Kepha abakuzwisisanga lokho kusho , kwakusithekile kubo , ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho. Ubukhulu obuyibo (Math. 18:1; Mark. 9:33)
Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa, base beya komunye umuzi. Ukumlandela uJesu (Math. 8:18)
Ngithi kini : Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi. Ukusolwa kwemizi engaphendukanga (Math. 11:20)
Nokho ningathokozi ngalokhu kokut hi omoya bayanithobela , kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini. UJesu uyamdumisa uYise (Math. 11:25)
Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. Umfanekiso womSamariya onesihawu (Math. 22:34; Mark. 12:28)
Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele. Isono sokuhlambalaza (Math. 12:22; Mark. 3:20)
Kepha yena wathi : Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abaliz wa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze. Abafuna izibonakaliso (Math. 12:38; 16:1; Mark. 8:11)
Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona. Imifanekiso yesibani (Math. 5:15; Mark. 4:21; Luk. 8:16)
Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso. UJesu usola abaFarisi nezazimthetho (Math. 23:23)
Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu , lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu. Inceku ethembekileyo (Math. 24:42)
Wathi ukuba asho lokho , bajabha bonke ababemelene naye ; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. Imifanekiso ngombuso kaNkulunkulu (Math. 13:31; Mark. 4:30)
Ngokuba ngithi kini : Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami. Abafundi bakaJesu abayibo (Math. 10:37)
Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho. Ukuhlalisana kwabaganeneyo (Math. 19:3; Mark. 10:1)
Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye . Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa , kodwa ozithob ayo uzakuphakanyiswa. Ukubusiswa kwabantwana (Math. 19:13; Mark. 10:13)
Ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunku lu njengomntwana kasoze angena kuwo. Insizwa enothileyo (Math. 19:16; Mark. 10:17)
Kepha wathi: Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu. Umvuzo wokuzidela (Math. 19:27; Mark. 10:28)
ongayikwamukeliswa okuphindwe kani ngi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe (Math. 20:17; Mark. 10:32)
Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema. UJesu ungena eJerusalema (Math. 21:1; Mark. 11:1; Joh. 12:12)
zikuwise phansi , wena nabantwana abakuwe , zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho , ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho. Ukuhlanzwa kwethempeli (Math. 21:12; Mark. 11:15)
UJesu wayesethi kubo: Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Umfanekiso wabalimi besivini (Math. 21:33; Mark. 12:1)
Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa , kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa. Intela kaKesari (Math. 22:15; Mark. 12:13)
Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu ; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 23:23; Mark. 12:13)
Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo , kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho. Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu (Math. 24:1; Mark. 13:1)
Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. Umvuzo wokumkhaphela uJesu (Math. 26:14; Mark. 14:10)
Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Mark. 14:12; Joh. 13:21)
ukuba nidle , niphuze etafuleni lami embusweni wami ; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. USimoni Petru uyaxwayiswa (Math. 26:31; Mark. 14:27; Joh. 13:36)
Base bethi: Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili. Wathi kubo: Kwanele. EGetsemane (Math. 26:36; Mark. 14:32)
Wathi kubo : Nilaleleni na ? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni. Ukuboshwa kukaJesu (Math. 26:47; Mark. 14:43; Joh. 18:2)
Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi ; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Joh. 18:1, 25)
Waphumela phandle, wakhala kamunyu. UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe (Math. 26:57; Mark. 14:53; Joh. 18:12)
Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Mark. 15:22; Joh. 19:17)
Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Mark. 15:42; Joh. 19:38)
Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza , bambambe, bambeke inkosi , wamonyukela futhi entabeni yena yedwa. UJesu uhamba phezu kolwandle (Math. 14:22; Mark. 6:45)
ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu. UJesu ungena eJerusalema (Math. 21:1; Mark. 11:1; Luk. 19:29)
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo. UJesu ukhuluma ngokukhashelwa kwakhe (Math. 26:20; Mark. 14:17; Luk. 22:7)
Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)
kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu , wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54)