ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa nokufa kunalawa mathambo ami.
Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na ? Ngathi: Nkosi Jehova, wena uyazi.
Wayesethi kimi : Profetha phezu kwalawa mathambo , uthi kuwo : Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.
Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.
Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa- Israyeli; bathi: Bheka, amathambo ethu omile , ithemba lethu liphelile , sinqunyiwe.