Nkulunkulu wami , ngiyethemba kuwe ; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.
Londoloza umphefumulo wami , ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe.
Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova ; mawungangijabhisi naphakade ; ngikhulule ngokulunga kwakho.
Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ng iyakubiza; mabajabhiswe ababi , bathuliswe endaweni yabafileyo.