Wanikela kwaba ngumnikelo wakhe uqwe mbe lwesiliva , isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu , nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
UJehova wathi kuGideyoni : Abantu base baningi ; behlisele ngasemanzini , ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: Lo uzakuhamba nawe , yena aha mbe nawe ; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: Lo akayikuhamba nawe, yena akayikuhamba.