Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe , ngokuba abasweli lutho abamesabayo.
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo , kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhis a nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba : Mesabeni lowo othi esebulele , abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.
Baziseni bonke , nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu , niyazise inkosi.
isho ngezwi elikhulu , ithi: Mesabeni uNkulunkulu , nimnike inkazimulo , ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile ; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.