Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi : Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.
Hlabelelani kuJehova , mhlaba wonke , nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
Thuthumelani ebusweni bakhe , mhlaba wonke ; izwe lihlala liqinile , alinakushukunyiswa.
Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo.
Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke.
Khulekani kuJehova , nihlobe ubungcwele ; thuthumela ebusweni bakhe , mhlaba wonke.
Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.
Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi , ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba , ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe , abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe. Isikhathi somusa
Yizwa wena mhlaba ukuthi : Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo , ngokuba abaqaphelanga amazwi ami , nomthetho wami bawulahlile.
Zwanini, bantu bonke , uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho , iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.
Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele ; thula phambi kwakhe , mhlaba wonke.
angisho izifebe zalo mhlaba , nokuba abahahayo nabaphangi , nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo ; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle , ngokuba uSathane wehlele kini enolak a olukhulu , azi ukuthi unesikhathi esifushane!