Nokho abantu abakhe ezweni banamandla , imizi ibiyelwe , mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.
Siyakukhuphukelaphi na ? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi : Abantu bakhulu , bade kunathi ; imizi mikhulu , ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.
Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.
Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho , Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;