Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi ; akukho okungafaniswa nawe ; uma ngiyilanda , ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.
Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.
Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
Ngiyayazi imisebenzi yak ho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho , nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.