Skip to Content

"minyaka"

16 occurrences in ZUL

Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe ; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga ; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga.

Le minyaka engamashu mi amabili bengisendlini yakho ; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili , neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.

Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.

Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo.

UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho ; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu ; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe , awuswelanga lutho.

Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise , akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.

Izingubo zakho azikugugelanga , nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane.

Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.

U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi , wathi ku - Ahabi: Kuphila kuk aJehova, uNkulunkulu ka -Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka , kuphela ngesiyalezo sezwi lami.

Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda , ngokuba izwe lazola , engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.

Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda , kuze kube namuhla , le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.

Jehova, ngizwile umbiko ngawe , ngiyesaba izenzo zakho ; zivuselele phakathi kwale minyaka , wenze ukuba zaziwe kule minyaka , ukhumbule umusa nasolakeni.

Yayisithatha ingelosi kaJehova , yathi: Jehova Sebawoti , koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithu kuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?

nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: Ngikhale ngenyanga yesihlanu , ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?

Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?