Skip to Content

"mizi"

23 occurrences in ZUL

Wachitha leyo mizi nethafa lonke , nabo bonke abakhe emizini , nalokho okuhlumayo emhlabathini.

U-Israyeli wathatha yonke le mizi ; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama - Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.

ukuba umbulali abalekele khona , obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi , wothi aphile uma ebalekela komunye waleyo mizi:

njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi , insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe , lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,

Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe , emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,

Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana b akwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.

Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula ; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase ; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;

Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi ; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe.

nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri , iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo.

Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo , leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwa-Isakare

Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwaNafetali

Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana b akwaDani ngemindeni yabo , leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sikaJoshuwa

Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi , angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.

Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.

Abantwana bakwa -Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.

Leyo mizi yonke yayinamadlelo ayo nxazonke zayo ; kwakunjalo kuyo yonke leyo mizi.

Wathi: Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na? Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli kuze kube namuhla.

UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa . UJowashi wamahlula kathathu , wabuyisa imizi yakwa - Israyeli.

kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali . Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

Abantwana bakwa-Israyeli banika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo.

Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni , nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.

Wathi kuJuda : Masakhe le mizi , siyihaqe ngogange , nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu , ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke. Base bakha- ke, baphumelela.

Zibekele amatshe , zimisele iziqondiso zendlela ; yibeke inhliziyo yakho emendweni, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.