Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke , lapho ngiyixoshele khona , usho uJehova Sebawoti. Izono nokwahlulela
Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni , eningayikukhipha kukho izintamo zenu ; futhi ningahambi ngokuzidla , ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.