Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo , ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomnta nakhe, wathi: E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye, kepha omunye wathi: Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.
Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi, aphuze.
Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.
Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe , bathi kuye : Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.