Ngokuba lo myalo eng ikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe , awukude.
Manje lo myalo ungowenu bapristi.
Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime, usho uJehova Sebawoti.
UJesu wayesethi kubo : Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo.
Akakho ongangamuka ukuphila kwami , kodwa ngikudela ngokwami ; nginamandla okukudela , nginamandla okubuye ngikuthabathe . Lo myalo ngiwamukele kuBaba.
Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,
Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.