Skip to Content

"nabakhileyo"

36 occurrences in ZUL

Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo , funa babe lugibe kuwe.

funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni , baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,

Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo , nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo , nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.

wathi: Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema , nawe nkosi Jehoshafati : usho kanje kini uJehova , uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu , ngokuba impi ayisiyo eyenu , ngekaNkulunkulu.

Wayesekhothama uJehoshafati, ubuso bakhe bubheke phansi; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova bekhuleka kuJehova.

Abantwana bakwa -Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.

kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa -Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka -Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe,

UJehova wasindisa -ke uHezekiya nabakhileyo eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.

Kepha lapho uHezekiy a esezithoba ekukhukhumaleni kwenhliziyo yakhe , yena nabakhileyo eJerusalema , ulaka lukaJehova alubehlelanga emihleni kaHezekiya.

UHezekiya wayeselala koyise ; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide ; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema , baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.

Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.

Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo.

Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba , nabakhileyo kuwo batholiswa icala ; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa , kusale abantu abayingcosana nje.

Mhubeleni uJehova ihubo elisha , nodumo lwakhe , kusukela emikhawulweni yomhlaba , nina enehlela elwandle nakho konke okukulo , nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.

Phakamiselani amehlo enu ezulwini , niwubheke umhlaba phansi , ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakum a kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.

Zisokeleni kuJehova , nisuse amajwabu ezinhliziyo zen u nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.

Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukha la konkulunkulu ababashisela impepho , kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo.

kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu a bahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi , bona nezikhulu zabo , abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade.

uthi: Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo , nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.

Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo : bayaphinga, bahamba ngamanga , baqinisa izandla zababi , ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe ; bonke banjengeSodoma kimi , nabakhileyo kulo banjengeGomora.

bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho , usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele , inceku yami , ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo , naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo , nencithakalo ephakade.

ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa -Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule , bona namakhosi abo , nezikhulu zabo , nabapristi babo , nabaprofethi babo , namadoda akwaJuda , nabakhileyo eJerusalema.

Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho , abe ngumfula okhukhulayo , akhukhule izwe nokugcwala kwalo , umuzi nabakhileyo kuwo ; abantu bayakukhala , bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngiyakuvusela iBabel e nabakhileyo eLebi Khamayi umoya womchithi.

Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe: Yeka ukuchitheka kwakho , wena owahlalwa ngabasolwandle , muzi odumileyo , owawunamandla olwandle , wena nabakhileyo kuwe, owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.

Yizwani izwi likaJehov a nina bantwana bakwa -Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni , lokhu kungekho qiniso , namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.

Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova , nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.

Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.

Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.

afeba naso amakhosi omhlaba , nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.

Isilo owasibonayo sasikhona , asisekho; kepha sesizakwenyuka , siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala , labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila , selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona , kepha asisekho , kanti sizakuba khona.