Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi ; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.
Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu , nababhuli benu , namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu , nabalumbi benu abakhuluma kini , bethi: Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,
Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi , nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo . Bangena, bema phambi kwenkosi.