Ngenxa yalokho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi : Ngiyakuthumela kubo abaprofethi nabaphostoli; abanye bayakubabulala, abanye babazingele,
Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye.
Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya ; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.
Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi : Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga , bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.