Uthembekile uNkulunkulu , okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Ukuphikisana ebandleni laseKorinte
Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni . Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
munye umzimba , munye uMoya , njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;
Ngokuba nabizelwa khona lokho , ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.
ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka , kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.