Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo , ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomnta nakhe, wathi: E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye, kepha omunye wathi: Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.
Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu ; sukani nakhe indlu en gcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.
Khuphukelani entabeni , nilethe imithi , nakhe indlu ; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe, usho uJehova.