Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu , ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo , uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. Ifu elaliphezu kwetabernakele*
Niyakuba nomthetho munye kowenza kungengamabomu , nakowokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.