"nakuba"
34 occurrences in ZUL
Noma ethinta ukungcola komuntu , nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.
abheke isifo ngosuku lwesikhombisa ; uma isifo sandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinq amulayo noma esikhumbeni , nakuba isikhumba sisetshenziswa kumuphi umsebenzi, bheka, isifo siluchoko olubi.
nalowo othinta okunwabuzelayo angangcoliswa ngakho , noma umuntu angangcoliswa ngaye, nakuba enokungcola kuni,
kepha izintaba ziyakuba ngezakho ; noma ziyihlathi , woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho , ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.
Wathi uSamuweli : Nakuba wawumncane emehlweni akho , awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa -Israyeli na ? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.
Nakuba umuntu ahlula oyedwa , ababili bayakuma phambi kwakhe , nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga , ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola , angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.
Amabele esinkwa ayacolwa na ? Cha, ngokuba awabhulwa nokubhulwa njalo; nakuba eqhuba isondo lengqukumbane namahhashi alo phezu kwawo, awacolisiswa.
nakuba bengalalelanga , bengabekanga izindlebe , kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.
Ngokuba umthengisi akayikubuyela kokuthengisiweyo , nakuba esekhona phakathi kwabaphilayo , ngokuba umbono wesixuku sonke awuyikubuya , futhi akuyikubakho muntu ongabambelela ekuphileni ngenxa yobubi bakhe.
Lapho kukhona u -Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe , abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba ; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini.
Lapho kukhona izikhulu zasenyakatho , zonke zazo , nabo bonke abaseSidoni, abehlile nabagwaziweyo ; nakuba bebesatshwa ngenxa yobuqhawe babo , sebejabhile, balele bengasokil e nababulewe ngenkemba , bethwala amahloni kanye nabehlela egodini.
Noma becasha esiqongweni saseKarmeli , ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle , ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.
Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?
Wafunga kuyo, wathi: Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika , nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.
Wabayala ukuba bangatsheli muntu . Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
Kwaba yisikhathi engavumi ; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe : Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,
Nakuba ngahlulela , ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo , ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.
Kepha uma ngiyenza , nakuba ningakholwa yimi , kholwani yimisebenzi , ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.
Bhekani nina zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu , umsebenzi eningayikukholwa yiwo , nakuba umuntu enilandisa ngawo. Izwi lamukelwa ngabezizwe, liphikwa ngabaJuda
abangifumananga ngiphikisana namuntu , nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni, nasemzini,
nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: Ngo-Isaka iyakubizwa inzalo yakho.
Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami , angizisoli; nakuba ngangizisola -- ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje --
Ngakho nakuba nganilobela , angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.
ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi , nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
Ngiyamazi umuntu ekuKristu , sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi , nakuba wayengaphandle komzimba angazi , nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni , nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo --
nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni . Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;