Skip to Content

"naleyo"

56 occurrences in ZUL

Ziyakuba njalo kuwe izinto okha ndleke kuzo , zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo , ekusindisayo ingabikho.

Wamthathela zonke lezo , wazinquma phakathi , wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga.

niphathe esandleni senu imali i phindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu , niyihambise ngesandla senu ; mhlawumbe kwenzeka iphutha.

Ayeseshesha ukwehlisela phansi , kwaba yileyo naleyo isaka layo , yileyo naleyo yavula isaka layo.

Ayeseklebhula izingubo zawo , yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo , abuyela emzini.

Lawa angamagama amadodana ka-Israyeli afika eGibithe noJakobe ; yileyo naleyo yafika nomuzi wayo:

Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe , yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu -Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.

nezinkezo zegolide eziyishumi nambili ezigcwele impepho , yileyo naleyo ingamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendlu engcwele ; lonke igolide lezinkezo lalingamashekeli ayikhulu namashumi amabili;

Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi , noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi.

Njengokomumo eniwulungisayo niyakwenze njalo kuleyo naleyo njengokomumo wazo.

Khuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthabathe kubo izintonga , ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise , kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili ; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.

Uyakuloba igama lika -Aroni entongeni kaLevi , ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.

kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi , kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye,

nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exov we namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

unikele ngokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

kanye nomnikelo wazo wempuphu , impuphu exovwe namafutha , okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye,

nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,

kanye nomnikelo wazo wempuphu , impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi yezinkunzi eziyishumi nantathu, nokweshumi okubili ngaleyo naleyo nqama yezinqama ezimbili,

nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyishumi nane,

Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango , kwaba yileyo naleyo ngokwayo.

Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa -Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise , ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.

Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu , wawanika, kwaba yi leyo naleyo amacilongo ezandleni zawo , nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni.

Onke amadoda ayemi , kwaba yileyo naleyo , ahaqa ikamu ; bonke abasekamu bagijima bamemeza.

Base bethatha bonke abantu ab abi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: Njengokuba bengahambanga nathi , asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile , kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.

Izinceku zika -Abisalomu zenza ku -Amnoni njengokuyala kuka -Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka , yileyo naleyo yakhwela umnyuzi wayo , abaleka.

USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa- Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla ; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.

Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni , kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo ; kwakungasweleki lutho.

Nebhali, nefoliji lamahhashi , namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona. Ukuhlakanipha kukaSolomoni

Wakhanda izinsika ezimbili zethusi , yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo , nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.

Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,

Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi.

Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.

Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.

Emizini yonke , yileyo naleyo , wabeka izihlangu nemikhonto , wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe. Abapristi namaLevi baya kwaJuda

Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo ; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.

Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo.

nawo onke amakhosi asenyakatho , akude naseduze , yileyo naleyo , nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba ; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.

Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni , inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe , amakhosi abo aqhakanyeke, lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo , aqhaqhazele imizuzwana yonke , kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.

Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke , nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga l okulinganisa, luyizingalo eziyisithupha , yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.

ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso , ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo ; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.

Ngase ngithi : Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye.

enye wayinika amatalenta ayisihlanu , enye aba mabili , enye laba linye , kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.

Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe ; washiya indlu yakhe , wanika izinceku zakhe amandla , yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo , wayala umlindisango ukuba alinde.

Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na?

Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.

Waphinda wathuma enye inceku ; naleyo bayishaya , bayidumaza, bayimukisa ze.

Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.

Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha , ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.

kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe , yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.

Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.

Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa leyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka encikile esihlokweni sodondolo lwakhe.

ngokuba iNkosi iyamlaya emthanday o ishaye yile yo naleyo ndodana eyamukelayo.