Skip to Content

"naluvalo"

8 occurrences in ZUL

Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi, ungabi naluvalo ; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;

UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezah lulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo -Israyeli; qina, ume isibindi ; ungesabi, ungabi naluvalo.

Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.

Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile , agcineke, angabi naluvalo ngokubi.

Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo , ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami . Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi. Izithombe

Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini , ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza , angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu , anganqamuki ukuthela izithelo.