Wathi kimi : U Solomoni indodana yakho nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami , ngokuba ngimkhethile ukuba abe yindodana yami , mina ngibe nguyise.
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami , uyakwahlulela endlini yami , ugcine namagceke ami ; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.