Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.
Ukukhanya kuka -Israyeli kuyakuba ngumlilo , oNgcwele wakhe abe yilangabi; kuyakushisa kuqede ameva akh e namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi , izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.
Izindawo eziphakemeyo zase -Aveni, isono sakwa -Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema -altare abo ; bayakuthi kuzo izintaba: Sisibekeleni, nakuwo amagquma: Welani phezu kwethu.