Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLev i, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova , ngokuba umusa wakhe umi phakade , lapho uDavide edumisa ngezandla zabo ; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.
Anixoshanga yini abapristi bakaJehova , amadodana ka -Aroni namaLev i, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe ; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa , bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.