UDavide kanye nendlu yonke k a-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi , namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.
UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha , izingubhu, namahabhu, namasimbali, bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.
kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokube thwa kuNkulunkulu ; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.
nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova , nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali nezinto zokubethwa , bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu , yona le ndlu kaJehova,