Skip to Content

"namasundu"

10 occurrences in ZUL

Bafika e -Elimi, lapho kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona ngasemanzini.

Basuka eMara , bafika e -Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.

Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo , wazifekethisa ngamakherubi abaziweyo, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo , wazinameka ngegolide, wembesa amakherubi namasundu igolide.

Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi, nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke.

Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi- apula, nemithi yonke yasendle kubunile , ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

Kwakukhona amafasitele avaliweyo , kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke , kanjalo nakuyo imen gamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.

Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi.

Kusukela phan si kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.

Kwakwenziwe kuzo , ezivalweni zethempeli , amakherubi namasundu njengokwenziwe ezindongeni ; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle.

Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme , nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu , nasesivikelweni.