Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke , izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe , izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni , namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa -Israyeli, namathafa akhe,