Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho ; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.
Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni na senyangeni nasezinkanyezini ; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe , zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,