Skip to Content

"namehlo"

22 occurrences in ZUL

Kwathi u -Isaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza u - Esawu indodana yakhe enkulu , wathi kuye : Ndodana yami ! Wathi kuye : Ngilapha.

Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina.

aphendule athi : Izandla zethu azichithanga leli gazi , namehlo ethu awakubonanga.

kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi , namehlo okubona , nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.

Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.

Wakhuphuka, walala phezu komntwana , wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe , nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe ; lapho esekhothama phezu kwakhe , inyama yomntwana yafudumala.

Abantu bayafoliswa, namadoda ayathotshiswa, namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,

Kukhona oyedwa , kanaye owesibili , yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na? Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.

Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?

Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo , namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo , kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo , namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.

Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe ayakubona, engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.

Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.

Yakhipha namehlo kaSedekiya , yambopha ngamaketanga ukuba imyise eBabele.

Yakhipha namehlo kaSedekiya ; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele , yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

Abaphephayo benu bay akungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo , lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo , ezichezukile kimi , namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.

Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe , nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo , izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwe thusi eliphucuziweyo , nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema : inyama yab o iyakudleka besemi ngezinyawo zabo , namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo , ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona , nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu , njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo,

Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe , linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.