Skip to Content

"namuntu"

11 occurrences in ZUL

Kepha inkosi yase -Aramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi : Ningalwi namuntu , omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.

UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,

Kepha inkosi yase -Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi : Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.

Ungaphikisani namuntu ngeze, uma engakonanga ngalutho.

Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba ; abayikuba namuntu wokubembela , bona nawomkabo, namadodana abo , namadodakazi abo ; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.

ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe ; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami , usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.

Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda , uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide ; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.

Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu ; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo , ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni , kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.

abangifumananga ngiphikisana namuntu , nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni, nasemzini,

Base bethi kuye : Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya , akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.