Skip to Content

"nangalapha"

26 occurrences in ZUL

Waphendukela ngalapha nangalapha ; esebonile ukuthi akukho muntu , wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini.

Ingalo ngalapha nengalo ngalapha kulokho okudluleleyo ebudeni bezilenge zetende azilenge emaceleni etabernakele ngalapha nangalapha ukulisibekela.

UMose waphenduka , wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe , izibhebhe ezazilotshwe nxazombili , zalotshwa ngalapha nangalapha.

elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha ; wawenza amakherubi aba kunye nesihlalo somusa , ekugcineni kwaso ngalapha nangalapha.

Kwaba njalo nakwelinye icele : ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu ; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

Bonke abakwa -Israyeli namalunga abo , nezinduna zabo , nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongo lo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu , inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile , ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.

Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika , ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha , ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha , ububanzi betabernakele.

Wayeselinganisa ubude be sakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha : yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,

Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona , bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.

Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha , isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva ; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.

Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha , kanti wayesehambile. Yayisithi kuye inkosi yakwa -Israyeli: Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.

U-Eliya wathatha ingubo yakhe , wayisonga, washaya amanzi , ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.

Wayithatha ingubo ka -Eliya ebiwile kuye , washaya amanzi , wathi: Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na? Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.

Isihlalo sobukhosi sasin ezikhwelo eziyisithupha , sinesenabelo segolide esasinamathelisiwe esihlalweni sobukhosi , nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.

Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha , eyisilinganiso sinye ; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha.

Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha , emathathu nangalapha ; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango s okuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle ; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha ; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

Izinsika z alo zazibheke egcekeni elingaphandle ; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha ; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme , nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu , nasesivikelweni.

Okungokwesikhulu kuyakuba ngalapha nangalapha komnikelo wokungcwele nefa lomuzi, phambi komnikelo wokungcwele naphambi kwefa lomuzi, ngasohlangothini lwasentshon alanga kubheke entshonalanga , nangasohlangothini lwasempumalanga kubheke empumalanga , ngobude kulingane nesinye sezabelo zezizwe , kusukela emkhawulweni wasentshonalanga kuze kube semkhawulweni wasempumalanga.

Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula , ngalapha nangalapha.

Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke , ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele ; izithelo zayo ziyakuba ngukudla , amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa. Imikhawulo yezwe elingcwele

Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha ko mnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga , nasentshonalanga maqondana n ezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga , kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho.

Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi.