"nangesiliva"
9 occurrences in ZUL
Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe , yathi: Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi , ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami , nangesiliva lami , nangegolide lami , angimnqabelanga.
nangesisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa , amatafula ngamatafula, nangesiliva lamatafula esiliva;
Ngalokho mawuthume kimi umuntu oyingcweti yokusebenza ngegolide , nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangokububende, nangokubomvu, nangokuluhlaza, owazi ukuqopha yonke imiqopho kanye nezingcweti ezinami kwaJuda naseJerusalema, ezamiswa nguDavide ubaba.
indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani ; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide , nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo , nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke , nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti , ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.
Wawusuhlotshisiwe ngegolide nangesiliva , isambatho sakho sasiyileneni elicolekileyo, nosilika, nemifekethiso; wadla impuphu ecolekileyo, nezinyosi, namafutha; wawumuhle kakhulu impela , wahlahlamela, waze wathola ubukhosikazi.