Baletha izinkunzi eziyisikhombisa , nezinqama eziyisikhombisa , namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda . Wayaleza abapristi , amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova.
Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.
Zithathele umqulu wencwadi , ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo -Israyeli nangoJuda , nangazo zonke izizwe , kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe , kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.