Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka -Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
Ngamacilongo nangokukhala komtshing o hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova.
Kepha manje, usho uJehova, phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke , nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.
Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi , uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela , nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.
Ngokwesibili niyakwenza nalokhu : nisibekela i -altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.