UJehova wayesethi kuMose : Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: Ningabantu abantamo ilukhuni ; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje , ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.