Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi : Leli p hoshophosho lithini na ? Abanye bathi : Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo , ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
Kepha kwathi uPawulu azi ukuth i enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini , wathi: Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina , ngiyindodana yabaFarisi ; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.
Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo , siyakuba njalo nangokuvuka,