Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama , nangomsindo omkhulu , nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.
Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , kwawa okweshumi komuzi , nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nabaseleyo b ashaywa luvalo , bamdumisa uNkulunkulu wezulu.