Skip to Content

"nangosuku"

11 occurrences in ZUL

Waphuma nangosuku olulandelayo ; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: Umshayelani owakini na?

Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele , nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele ; kungasetshenzwa ngazo , kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.

Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe , anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo , nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.

Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu , nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu , akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa , amphothule ngos uku lwesikhombisa , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

Misani ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa ; yilowo nalowo obulele umuntu , nalowo othintile obuleweyo , makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.

nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla , noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele , futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.

AbaJuda ababe seShushani babuth ana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani , kepha ababekanga izandla zabo empangweni.

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Isango legceke elingaphakathi , elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza , kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa , livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.

Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na?

ngokuba uthi : Ngesikhathi esihle ngikuzwile , nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa; bheka, manje ku yisikhathi esihle kakhulu ; bheka, manje kulusuku lwensindiso; --