Awuyikukhathaza umfokazi , ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi , lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.
Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu , umthande njengalokhu uzithanda wena , ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka- Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso , ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.